Impilo Nesithembu (Zulu Edition)
📄 Viewing lite version
Full site ›
Book Details
Author(s)Musa C Mseleku
ISBN / ASIN1490916911
ISBN-139781490916910
AvailabilityUsually ships in 24 hours
Sales Rank8,389,988
MarketplaceUnited States 🇺🇸
Description ▲
Nalu olunye ungqambothi lwencwadi olulethelwe uMusa wakwaMseleku! UMusa wazalelwa endaweni yakwaMadlala eMzumbe ezalwa uNomathemba Joyce Mseleku ongasekho emhlabeni. Ungomunye wabazukulu bakaPhiwe Flo Dingile Mseleku naye ongasekho emhlabeni. UMusa waqala imfundo yakhe yamabanga aphansi e-Denver Zoar Mission School endaweni yakwaMadlala eMzumbe wabe esedlulela e-Prince Ngamizizwe School. Waphothula ibanga leshumi e-Sister Joans High School ngo-1993. Wathola iziqu zemfundo ephakeme eNyuvesi eThekwini ngo-1997. Kuloku usiphathele udaba olunkimbinkimbi lwesithembu! Wewu! Uzinikile isikhathi umlobi ecwaninga ngesithembu kumasiko nakuzinkolo ezehlukahlukene emphakathini. Uzobhema ukholwe! Kungenzeka uzoqeda udelile futhi ususithathile nesinqumo sokuthi sihle noma sibi isithembu. Umbhali-ke, usibekela izizathu abantu abazingenela esithenjini. Abanye bangeniswa umhobholo, abanye bangena ngokuthi abafuni ukuhlukana nendoda abayithandayo, abanye besaba ukubizwa ngozenda zamshiya, abanye bangeniswa ukulandela isiko nenkolo. Babodwa abangena bengazimisele ngoba indoda ingazange yaba neqiniso bengakaganani, bese ibashintshela sebengaphakathi sekulikhuni ukuhlehla. Wena ungenze njani? Abanye bayasivuma, abanye bathi lutho eluthela, bambe bambulule bakhumbule emakubo! Uyedwa obuka amakhosikazi amaSulamane eshibilika ngezimoto eziphambili ebusa ekhomba ngophakathi, abone nje ukuthi, le iyona ndlela yokuphila, kungabe beneme njengoba basuke bebukisa emphakathini, noma bahlala esihogweni uma sebekhumule izimvakazi zabo lezi abahlala bezifihle ngazo? Kumtoti ngendlela eyisimanga ngoba ufica nabathi bayakholwa sekungathi bayaphambana nezwi leli okufanele ngabe baphila ngaphansi komgomo walo sebethembuza, bepheka bethulula! Maye babo! Indaba exaka abafundisi begcotshiwe lena. Ikhono lokuyinqoba kuwumusa ovela ngaphezulu qiniso! Udaba luya ngokudepha ngoba uzwa selufaka idlozi noMdali, noJehova khona lapho! Habe! Hhayi bandla lujulile udaba lwesithembu, ngoba kutholakala nesimo sezomnotho sidlala indima enkulu ekuthenini siyaphumelela, siyemukeleka, silungile noma cha. Kanti namadoda avelele ebhayibhelini ayenesithembu? Kwase kushintsha-phi? Lithini lona iBhayibheli ngesithembu? Imfihlo lena, kepha iyasombululeka ngokuthi uyifunde yonke le mithombo uhambe emzileni oyiwo usunolwazi! Babodwa abasizondisa okwenyoka ngenxa yendlela abakhula ngayo kabuhlungu behlukumezekile ekhaya lasesithenjini. Awodwa amadoda afuna ukuphathisa amnakhosikazi awo njengezindluvukazi zasebukhosini, athi azowondla awangahlushwa ilutho, bese uzwa amanye ekhala ngokusindwa imilomo efuna ukondliwa, athi ixoxo umazigxumele! Uthando, imali, izinkomo, amandla endoda, impatho, inhlonipho, isiko, inkolo, amanga, iqiniso kuyizithako zobudlelwano basekhaya lendoda, nezokwenza isithembu sibe into eyiyo noma engekho. Ngibuye ngezwa songathi kuthiwa maningi amadoda athanda isithembu, kepha ngezizazthu ezithile azithole esejele lokuganwa unkosikazi oyedwa. Kushube-ke lapho esephumela obala ngokuthi empeleni ayasifuna, bese kuba ongaphansi ongaphezulu, sekusuka umsindo njalo emzini wawobabamkhulu! Ziyayalwa izinsizwa, bayayalwa odade, ayayalwa amakhosikazi, ayayalwa namadoda! Ayakhiwe le mizi, iyisisekelo somphakathi wethu phela! Mina ngingabala ngithini ukhona wena mfundi ungazithathela isinqumo esazisekile emva kokuzwa ukuthi uthini umfokaMseleku! Indoda ayinamnikazi. Umadlubulundela phezu kwamadoda nabafazi, uMakhuluma kwenzeke lona! Zizwele, ungezwa ngokuxoxelwa!